You are on page 1of 6

WEEK 1

Encounter

JESUS REVEALS GOD


UJESU USIVEZELA UNKULUNKULU
My Story
Indaba Yami
1. How easy is it for people to relate to God as Father?
Kulula kanjani ukuthi abantu bakwazi ukwazi uNkulunkulu njengoBaba?
2. How do you think man tries to reach God?
Ucabanga ukuthi umuntu uzama kanjani ukumthola uNkulunkulu?
3. How do our earthly father figures shape our view or experience of God as Father?
Obaba esinabo la emhlabeni bawakhaya kanjani imbono esiba nawo noma indlela esingamazi
ngayo uNkulunkulu?
Digging Deeper
Asijule
4. Describe the perfect father?
Nika owakho umbono ngokuthi ubaba omuhle kakhulu unjani.
5. Read Luke 11:9-13 and John 14:6-14
Funda uLuka 11:9-13 no Johane 14:6-14
a. What are some misconceptions the world has about God? How does the revelation of God
as Father break these misconceptions?
Iyiphi imbono ebheke eceleni umhlaba enawo mayelana noNkulunkulu? Isambulo
sikaNkulunkulu enguBaba siwasusa kanjani lembono engasilo iqiniso ngaye uNkulunkulu?
b. What do we learn about God the Father through these verses?
Singafunda kanjani ngoNkulunkulu owuBaba wethu kulamavesi?
c. How could the perfect Father send His Son to die on the cross for our sins?
UBaba olunge ngakhokonke angayithumela kanjani Indodana Yayo ukuthi uzosifela
esiphambanweni izofela izono zethu?
d. If there was another way to the Father, would Jesus have died?
Ukube bekukhona enye indlela eyakuNkulunkulu, uJesu ngabe wasifela?
e. In what way does revelation of the Father change the way we pray?
Isambulo esisitholayo ngoNkulunkulu siyishintsha kanjani indlela esithandaza ngayo?
Application
Ukwenza
6. In what way does Jesus reveal the Father today?
Namhlanje, uJesu umveza kanjani uNkulunkulu kuthina?

7. If you were to audit your revelation of God as Father, how would you do? How can we ensure that
we grow in our revelation of God as Father?
Uma ungahlola isambulo osuke wabanaso ngokuthi uNkulunkulu unguBaba wethu, ungatholani?
Singaqiniseka kanjani ukuthi siyakhula ekwazeni uNkulunkulu njengoBaba wethu?

WEEK 2
Encounter

JESUS REVEALS THE WILL OF GOD


UJESU USIVEZELA INTANDO KANKULUNKULU
My Story
Indaba Yami
1. What was dream occupation when your were a child? Has your life turned out this way?
Wawufuna ukwenza msebenzi muni usayingane? Waphumelela yini ukuba yikho lokho owawufisa
ukuba yikho usemncane?
2. Have you ever asked this question: What is Gods will for my life? What answer did you find?
Useke wazibuza ukuthi, Iyini intando yaNkulunkulu ngempilo yami? Iyiphi impendulo owayithola?
Digging Deeper
Asijule
3. When I am unsure about my future, how do I live in my present?
Uma ngingazisisi ngeksasa lami, ngiliphila kanjani imanje?
4. Read John 6:38-40, Matthew 7:21-23, Matthew 22:36-40
Funda uJohane 6:38-40, uMathewu 7:21-23, uMathewu 22:36-40
a. From these verses what do we learn about Gods will for our lives?
Sifundani ngentando kaNkulunkulu kulamavesi?
b. What does it mean to know God?
Kuchaza ukuthini ukumazi uNkulunkulu?
c. How do you feel about the following statement:
The closer we are to Jesus the more we will know His will for our lives, because the
closer we are to Him, the more we know Him and what pleases Him
Uzizwa kanjani ngalesisho:
Uma sizisondeza kuJesu, yilapho siyothola khona kabanzi ngentando anayo mayelana
nezimpilo zethi, lapho ke simazi kangcono Yena, nezinto ezimujabulisayo.
d. How would you encourage someone to know Jesus? What practical advice would you give
them?
Ungamgqugquzela kanjani umuntu ukuthi amazi kabanzi uJesu? Iziphi izeluleko ongamnika
zona mayelana nalokhu?
e. If Gods will for Jesus was to die for our sins, do you think Gods will for our lives will always
be easy?
Uma intando yaNkulunkulu yayukuthi uJesu afele izono zethu, ucabanga ukuthi intando
yaNkulunkulu mayelana nezimpilo zethu izohlezi ilula?
f. In what way does this revelation of Jesus shape the way we live?
Le sambulo ngoJesu sakha kanjani indelal esiphila ngayo?
Application
Ukwenza
5. If knowing Jesus is our primary means of living out Gods will, what adjustments do you think God
wants you to make to live out his will?

Uma ukumazi uJesu kuyinto esemqoka ekuphileni entadweni yaNkulunkulu, iziphi izinto ekumele
sizishintshe khona sizoyenza intando yaNkulunkulu?
6. What practical steps can i put in place to grow/understand/apply/live this out?
Iziphi izinyathelo engingazenza empilweni yami ekwenzeni intando yaNkulunkulu?

WEEK 3
Encounter

JESUS REVEALS THE HOLINESS & TRUTH OF GOD


UJESU UVEZA UBUNGCWELWE NEQINISO LIKANKULUNKULU
My Story
Indaba Yami
1. Do you have a story about telling a lie and being caught out? What happened?
Unayo indaba amayelana namanga owawaqamba wabanjwa? Kwenzekalani?
2. How would you define the word truth
Ngombono wakho, yini iqiniso?
Digging Deeper
Asijule
3. How is truth so much more than just not telling a lie?
Iqiniso likhulu kanjani kunokuthi nje ukungawaqambi amanga?
4. Read John 8:32 and John 14:6 and John 17:17
Funda uJohane 8:32, uJohane 14:6 kanye no Johane 17:17.
5. What does it mean to know the truth?
Kusho ukuthini ukulazi iqiniso?
6. How does the truth set us free? What does it set us free from?
Iqiniso lisikhulula kanjani? Iqiniso lisikhulula kwini?
Application
Ukwenza

WEEK 4
Encounter

JESUS REVEALS THE JOY & PEACE OF GOD


UJESU UVEZA INJABULO NOKUTHULA KUKANKULUNKULU
My Story
Indaba Yami
1. Have you ever been in a troubled situation where you experienced Gods peace? What
happened
Kuseke kwaba khona isikhathi empilweni yakho lapho khona wezwa unokuthula
kukaNkulunkulu? Kwenzekalani?
2. How do you think your friends would define the word peace
Ucabanga ukuthi abangani bakho bangalichaza kanjani ukuthula.

Digging Deeper
Asijule
3. What peace do you think God wants to reveal through Jesus? World peace? Inner peace?
Iluphi uhlobo lukuthula uNkulunkulu afuna ukuliveza ngoJeu? Ukuthula emhlabeni? Ukuthula
kwangaphakathi kuwe?
4. Read Romans 5:1 and Galatians 2:11-17
Funda AmaRoma 5:1 nama Galathiya 2:11-17.
a. How does the world view peace? How is this different to the peace God brings?
Umhlaba uwubona kanjani ukuthula? Kuhluke kanjani lokhu kunokuthula okulethwa
nguNkulunkulu?
b. What does it mean to have peace with God and man?
Kusho ukuthini ukuba nokuthula noNkulunkulu kanye nabantu?
5. Read Philippians 4:6-7 and John 16:33
Funda kuFilipi 4:6-7 nakuJohane 16:33
a. How is Jesus our peace?
UJesu uwukuthula kwethu kanjani?
b. What causes you to worry or be anxious?
Yini ekwenza ukuthi ukhathazeke?
c. How does the child of God find peace?
Ingane kaNkulunkulu ikuthola kanjani ukuthula?
d. How do the following two truths help us remain at peace?
Lokhu kokubili okuyiqiniso kusiziza kanjani sihlale sinokuthula?
i.) Jesus is our peace
uJesu ungukuthula kwethu
ii.) Jesus has overcome the world
uJesu usewunqobile umhlaba
Application
Ukwenza
6. In the busyness and stress of life it can be very easy to lose sight of the fact that Jesus is our
peace.
Kulula ukukhohlwa ukuthi uJesu ungukuthula kwethu, njengoba impilo ihlezi iphithizela.
What adjustments do you need to make to see more of Gods peace in your life?
Iziphi izinguquko ekumele sizenze lapho khona sizobona ukuthula kukaNkulunkulu kakhulu
kunakuqala?

WEEK 5
Encounter

JESUS REVEALS THE MERCY & KINDNESS OF GOD


UJESU UVEZA UMUSA NOBUBELE BUKANKULUNKULU

My Story
Indaba Yami
1. Describe an act of kindness that meant a lot to you
Chaza isenzo esasinobubele ongeke usoze wasikhohlwa.
2. When did you first learn about Gods kindness?
Waqala nini ukwazi ngobubele bukaNkulunkulu?
3. When and how did it become real for you?
Kwakwinini futhi kwenzeka kanjani ukuthi ububele baNkulunkulu kube yinto eyenzekile
empilweni yakho?
Digging Deeper
Asijule
4. How is Gods love different to that of the world?
Uthando likaNkulunkulu lihluke kanjani kunalelo lomhlaba?
5. Read John 3:16-17, Luke 5:12-13, 1 John 3:1
Funda uJohane 3:16-17, uLuka 5:12-13 naku 1 Johane 3:1
a. A worldly view of God is that He is distant, angry and out to condemn the world. How do
these verses show God is kind?
Umhlaba umbona uNkulunkulu njengokuthi ukude, uthukuthele futhi uhlezi efuna
ukwehlulela umhlaba. Lamavesi akhombisa kanjani ukuthi uNkulunkulu unobubele?
b. How does Jesus love not only in words but in action?
UJesu usithanda kanjani ngamagama ache nangezenzo zakhe?
c. How does Jesus willingness to touch the broken reveal the heart of God?
Ukuzimisela kukaJesu ukusiza abantu abahlukumezekile kuluveza kanjani uthando
likaNkulunkulu?
d. How could the God of kindness send His Son to die on the cross for our sins?
UNkulunkulu onobubele uyithumela kanjani Indodana Yakhe ukuthi izosifelela izono
zethu?
e. In what way does revelation of Gods kindness shape the way we live?
Isambulo sobubele bukaNkulunkulu sakha kanjai indlela esiphila ngayo?
Application
Ukwenza
6. How does God want us to grow in our revelation of His kindness?
7. What does this kindness look like expressed at our jobs, our schools, our social groups?

WEEK 6
Encounter

JESUS REVEALS THE WRATH OF GOD


UJESU UVEZA ULAKA LUKANKULUNKULU
My Story
Indaba Yami
1. What are your pet hates, the things that make you angry?
Izini izinto ozizondayo nezikudinayo?

2. Have you ever wondered how a God of love can send people to hell?
Useke wazibuza ukuthi uNkulunkulu wothando angabasa kanjani abantu esihogweni?
Digging Deeper
Asijule
3. Is it possible for love and wrath to exist at the same time? How?
Kuyenzeka ukuthi uthando nolaka lubekhona ngesikhathi esisodwa? Kanjani?
4. Read John 12:12-15 and Revelation 19:11-16
Funda uJohane 12:12-15 nakwiSambulo 19:11-16
a. What do these two pictures of Jesus have in common and in what ways do they differ?
Lezi zithombe zombili zikaJesu zifana kanjani futhi zihluka kanjani?
b. What does the child of God have to fear when it comes to the wrath of God?
Kuyini ingane kaNkulunkulu ekumele ikusabe mayelana nolaka lukaNkulunkulu?
5.

Read John 3:16-17 and John 5:24


Funda uJohane 3:16-17 noJohane 5:24
a. How are we spared from the wrath of God?
Sisinda kanjani olakeni lukaNkulunkulu?
b. In light of Gods wrath, how much more does salvation through faith in Christ mean?
Insindiso esiyithola ngokukholelwa kuJesu ibaluleke kangakanani uma siyihlaziya
ngolaka lukaNkulunkulu?

Application
Ukwenza
5. One day soon Gods wrath will be revealed to all mankind and all those who do not believe
will
experience His full wrath. How does that change the way that the Believer should live?
Maduzane nje, ulaka lukaNkulunkulu luzovezwa kuwowonke umuntu, lapho bonke
abangakholelwa kuJesu bazoluzwa lolulaka. Lokhu kushintsha kanjani indlela esikholelwa
kuyo thina esikholwayo?

You might also like